Quiz 1 of 2

Zulu Assessment

Esikhathini esiphila kusona abantu abaningi bakhuluma ngokuzimela nokuqala amabhizinisi abo.
Lokhu kuyimiphumela yokungabi khona kwemisebenzi ikakhulukazi eNingizimu Afrika. Kukhona
izinhlobo eziningi zamabhizinisi abantu abangaziqalela wona. Amanye amabhizinisi amayelana
nokuthenga nokudayisa, kanti amanye awokuhambisa usizo ezindaweni ezahlukene. Wonke
umuntu angaziqalela ibhizinisi lakhe futhi aphumelele uma nje ezothola ulwazi olufanele.

Ukuqala ibhizinisi kufuna uzimisele futhi uhlakaniphe ngoba kunezinselelo ezinkulu obhekana nazo.
Kukhona izinkinga eziningi emabhizinisini. Umphakathi esihlala kuwo ungaba inkinga yokuqala
ebhizinisini lakho. Umona,ukubandlulula nokubukelana phansi kungokunye kwezinkinga ezinkulu
ebhizinisini. Ukungenzi ucwaningo uma uzoqala ibhizinisi kuletha izinkinga zokuthi lelo bhizinisi
lingaphumeleli. Ucwaningo yilona olukusizayo ukubona ukuthi ibhizinisi ozama ukuliqala lizoba
yimpumelelo noma cha.

Into ebulala ibhizinisi kakhulu ukuthi ungumnikazi webhizinisi ungazisebenzeli wena. Abantu
abasebenza ngaphansi kwakho bagcina bentshontsha noma bengawenzi umsebenzi ngendlela
efanele uma ungekho. Okufanele ukwenze ukukhuluma nabanye oSomabhizinisi abangakululeka
ukuthi ungenzenjani ukuvimba izinto ezifana nalezi.
Umndeni wakho kanye nezihlobo akufanele ubaqashe noma usebenze nabo ngoba isikhathi
esiningi bangenza ibhizinisi lingaqhubekeli phambili. Bazolindela ukuba ubaphathe ngendlela
ehlukile kunabanye abasebenzi. Enye inkinga kungaba uwena uqobo ngokuthi usebenzise imali
yebhizinisi kanti kufanele nawe ube nomholo njengabanye abasebenzi.

Imali yokuqala ibhizinisi uma ingekho kuba inkinga enkulu. Zikhona izindawo ezisiza abantu
abangenayo imali yokuqala amabhizinisi.Kumele uthintane namabhange kanye nezinhlangano
ezisiza ngolwazi lokuthola usizo. Kunemibandela nakhona okufanele uyilandele ukuze uthole lolu
sizo. Akusibona bonke abantu abanenhlanhla yokuthola lolu sizo ngenxa yezinto okufanele
bazigcine noma babe nazo ngaphambi kokunikwa usizo lokuqala ibhizinisi.